Skip to main content

Pamella Majola

Inyunyana yabasebenzi iPublic Servants Association isikushayele ihlombe ukuxoshwa kwesikhulu esiphezulu uKedibone Madiehe obengamele isikhungo sikaHulumeni esilawula izimpesheni i-Government Pensions Administration Agency.

Ukuxoshwa kwakhe kulandela ukuhamba isigcawu sokuqondisa izigwegwe emva kophenyo olunzulu olwenziwe kulesi sikhungo noluveze okuningi okungahambi kahle.

Lolu phenyo luveze ukuthi uMadiehe wayengena ezivumelwaneni zokuqasha amahhovisi, esayinda izinkontileka ezithile…ekwenza lokhu engalandelile imigudu efanele.

Okhulumela iPSA uClaude Naicker uthi, ukuxoshwa kwale sikhulu kuyigxathu elibalulekile ekukhucululeni lesi sikhungo.

“The Public Servants Association has always indicated that public servants should not be corrupt and that adhere to the prescripts of the Public Finance Management Act.”

Uqhube wathi, “Corruption and maladministration is eroding the public office and we are unable to deliver on our mandate. The PSA will always advocate for good governance in all public institutions.”

Lalela inkulumo ka Naicker ngezansi…


I-PSA ithi ukuxoshwa kuka Madiehe ukuthatha njengegxathu elikhulu ekubuyiseni isithunzi nobuholi obuqotho sale sikhungo.

Isitatimende sale nhlangano siphethe ngokunxusa uNgqongqoshe WezeziMali kazwelonke uEnoch Godongwana ukuthi aqinisekise ukuthi lesi sikhungo siqasha umuntu oqotho futhi okulungele ukuhola ngeqiniso nangobuchule.