Skip to main content

Nompendulo Ngubane

Umkhandlu omele amabandla KwaZulu-Natal iChristian Council, usunxuse umphakathi ukuthi wehlise amaphaphu, uvumele umthetho udlale indima yawo.

Lomyalelo umayelana nezinsolo zokunukubeza ngokocansi ezibhekene nomfundisi webandla i-Anglican eSobantu ePietermaritzburg maphakathi ne-KZN.

Lokhu kulandela ukuthi umphathi uhlasele isonto, walivala ngenxa yalezi zinsolo.

Umfunsisi ongumsolwa ungaphandle ngebheyili emva kokuvela enkantolo kaMantshi ePietermaritzburg.

Kumanje usemisiwe ekwenzeni imisebenzi yebandla kulandela ukuvela kwalezi zinsolo. Kanti okunye okuvelayo ukuthi sekunezinye izisulu ezisola lo mfundisi ngokuzinukubeza ngokocansi, nokusalindeleke zivule amacala.

UBishop Nathi Zondi okhulumela i-KZNCC uthi lolu daba selufikile kubona, kodwa wabe esecela umphakathi ukuthi ungathathi umthetho uwubeke ezandleni zawo.

“Kodwa ke njengomkhandlu siyawenxusa umphakathi ukuthi wehlise imimoya unikeze ibandla indawo nesikhathi sokulisebenza udaba bese futhi unikeza nomthetho indawo yawo ukuthi futhi uqhubeke nokulisebenza udaba ukuze lufinyelele kahle siphethweni,” kusho Zondi.

UZondi ube esenxusa nomphakathi ukuthi ungaphazamisi izinqubo zenkonzo ngoba amalungu ebandla awenzile lutho, umfundisi kuphela obhekene nezinsolo.

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo ka Bishop Zondi