By: Noluthando Mchunu
Inyunyana yothisha i-Sadtu eKZN ithi yize zikhona izinkinga ezikhungethe umnyango wezemfundo esifundazweni kodwa inobudlelwano obuhle noNgqongqoshe walomnyango uSipho Hlomuka.
USihlalo walenyunyana uPhumlani Duma usho kanje ngesikhathi ethula inkulumo yakhe engqungqutheleni ye Sadtu ebanjelwe eGrayville eThekwini.
Kuzokhumbuleka ukuthi izinkinga ezibhekene nalomnyango seziholele ekutheni kubambezeleke izinsiza zamaNorms and Standards ezikoleni.
Ngonyaka odlule kwabonakala umnyango wezezimali ungenelela ngokuka Section 18 we-Public Finance Management Act, nokuyinto umnyango wezemfundo neSadtu abathi ibambezela ukuthengwa kwezinsiza ezikoleni.
UDuma uthi basanethemba lokuthi zonke izinkinga ezibhekene nalomnyango zizokwazi ukulungiseka ukuze kungaphazamiseki ukufunda nokufundisa.
“Ubudlelwane bethu abusibona ubungani, siyasebenzisana siphinde singqubuzane akuhlezi kulula ukusebenzisana kwethu, kepha siyathokoza MEC njengoba sikubonile uvula izikole saphinde sakubona usebenza ngokuzikhandla- nokuholele ekutheni uthole imiphumela emihle kanti sithi ibambe ngako ungahlehleli emuva.
“Njengamanje siyabona ukuthi othisha abangu-500 abafundisa ojahidada, sebezoqashwa ngokuphelele-Yebo sizibonile izingqinamba ikakhulu eziphathelene nezinsiza zama norms and standards, nobekuyinkinga enkulu comrades kanti ngeke sithule MEC no HOD ningakabakhokheli abahloli ababambile,” kubeka uDuma.



