Noluthando Mchunu
Amalungu emindeni yabantu abangu 10 abashona engozini enyantisa igazi yetekisi phakathi kwase Cato Ridge nase Hammersdale entshonalanga yeTheku, ngesonto eledlule, athi agqemeke engeqiwa ntwala.
Lemindeni ibikhuluma enkonzweni yesikhumbuzo yezisulu, neqhubeka enkundleni yezemidlalo eSankontshe, khona eHammersdale.
UNgqongqoshe wezokuthutha uSboniso Duma naye uyigxenye yalenkonzo, ukuzoduduza abalahlekelwe.
Imindeni isinxuse umnyango ukuthi uqinise imithetho yemigwaqo, nokulandelwa kwayo.
Kanti omunye wezidlobo zalabo abashonile usho kanje, “Lomuntu oshonile usishiye nengane eneminyaka ewu-five nayo eshonelwe umawayo ngo May kulonyaka. Umawethu ozala mina noBongani simufihle kulenyanga ngonyaka odlule.”
Cofa ngezansi ukuzwa okushiwo abanye bezihlobo…
Lengozi yenzeka nje umnyango ugubha inyanga yezokuthutha nalapho kuxwayoiswa khona abashayeli kanye nabasebenzisi bomgwaqo ukuthi belandele yonke imithetho yomgwaqo.
uDuma uqinisekise imindeni ukuthi izinhlaka ezifanele ziyaphenya ngembangela yalengozi.



