By: Xolani Khumalo
Ikomidi lephalamende le-Section 194 ebeliphenya ngobuqotho bukalowo onguMvikeli womphakathi osamisiwe uBusisiwe Mkhwebane selethule ngokusemthethweni umbiko wophenyo onezincomo zokuthi uMkhwebane makasuswe esikhundleni.
NgoMsombuluko kwakusuku lomqamulajuqu wokuthi uMkhwebane aphendule ngalombiko osuphothulwe wamthola enecala, kodwa lufike lwaze lwadlula lolusuku engazange aziphendulele.
UMkhwebane ukholelwa ukuthi lelikomidi lalingeke vele libenze ubulungiswa ngoba nokusungulwa kwalo kwakuhloswe ngalo ukuthi akhishwe esikhundleni.
Izinhlangano zepolitiki i-Economic Freedom Fighters (EFF) kanye ne-African Transformation Movement (ATM) sezizwakalise ukungahambisani neze nalombiko njengoba zithi awukho emthethweni, zaveza nokuthi zizowuphosela inselelo ukuthi ubuyekezwe.
Ongusihlalo walelikomidi uRichard Dyantyi ongazange azigqize iqakala izikhalo zalamaqembu uthi sebezowudlulisela ephalamende manje lombiko.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/K5P7mwQD5x6zqK&podcast_id=1d22d47e-1159-4e17-9520-c2daf7f46196″ width=”100%” height=”200″]