Skip to main content

Noluthando Mchunu

Imenenja kaMasipala weTheku uMusa Mbele ithi ukuze lelidolobha lizoqhubeka nokuthuthuka kumele kube nokubambisana phakathi kukaHulumeni kanye nomkhakha wezamabhizinisi ozimele.

UMbele ubekhuluma engqungqutheleni ebizwa nge-reSURGEnce Conference ebibanjwe eThekwini ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Decreasing Barriers by Increasing Access”.

Kulengqungquthela kusuke kuhlangene izithunywa ezivela emazweni ahlukene ukuzodingida kabanzi ngezinto ezifana nokuthuthukiswa komnotho, amathuba omsebenzi, ukutshalwa kwezimali kanye nokukhangisa ngemikhiqizo yakuleli.

UMbele uthi kuningi osekwenziwe ilomkhandlu kuleminyaka emihlanu eyedlule nokumele kushayelwe ihlombe.

“Durban offers a strategic gateway to trade, supported by its port, road and rail network, industrial base and access to regional markets,” kusho uMbele.

“We are talking about opportunities that span manufacturing, real estate, agriculture, angroproccessing, energy, logistics, tourism and the creative economy.”

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaMbele.

UMbele uveze nokuthi kwinkomfa edlule yabatshalimali eThekwini, kuthenjiswe ukuthi kulomaspala kungase kuitshalwe imali engaphezu kuka R124,6 Billion.