Nompendulo Ngubane
Oyikhansela laku Wadi 1 eMaqongqo, ngaphansi kukaMasipala waseMkhambathini, ngaphandle kwase Pietermaritzburg uNkosinathi Maphumulo, uthi kubalulekile ukutshala entsheni ngokuyihlomisa ngamakhono azoyivulela amathuba emisebenzi.
UMaphumulo usho lokhu ngesikhathi intsha engu-32 evela ezindaweni ezahlukene, ithola izitifiketi zokuqeqeshelwa umsebenzi wonogada.
Labantu abasha baqeqeshwe yinkampani yonogada i-Banakeni Security ngokubambisana nekhansela lendawo.
Lesinyathelo siyingxenye yomgubho i-Social Development Month ogujwa kulenyanga ka-October.
UMaphumulo uthi umsebenzi wonogada ungomunye wemikhakha lapho kusenamathuba omsebenzi khona.
“Inhloso mhlambe yokuthi senze loluhlelo olunjenganalolu ingoba izinga lokungasenzi kwabantu liphezulu futhi siyabona ukuthi umkhakha wakwa security iwona umkhakha osenamathuba omsebenzi,”
uqhube wathi, “Ingakho sithe asibalekelele ngokuthi sibenzise lezitifiketi ukuze nabo bakwazi ukuthi bagcine bekwazike ukuxosha ikati eziko.”
Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo ka Maphumulo.




