Isezithebeni Eyemali Yamazwe EBrics
Written by Mduduzi Phungula on 24 August, 2023
By: Zilungile Mkhize
Umengameli Cyril Ramaphosa uthi bazoqhubeka nokunxenxa ukuthi amazwe angamalungu eBRICS asebenzise imali yawo uma ehwebelana nalawo angozakwabo kulenhlangano.
URamaphosa ukhulume kanjena ngesikhathi kuqhubeka ingxoxo ekhethekile ye-BRICS’s Africa Roundtable njengoba kuqhubeka ingqungquthela ye-Brazil, Russia, India, China kanye South Africa eGoli.
Kube seqhulwini ukuvumela amazwe anesifiso sokuba yingxenye yalolumbimbi, njengoba engaphezu kuka 20 amazwe asezwakalise isasa lokuba ingxenye yeBrics.
URamaphosa ke uthi yize udaba lwemali entsha yeBRICS lusasezithebeni, kodwa isifiso sikhona sokuthi njengamalungu, amazwe akwazi ukusebenzisa imali yawo.