Isilo sikhala ngezingqinamba ezibhekene nabakuleli.

Written by on 30 July, 2024

By: Nompendulo Ngubane

Isilo samabandla uMisuzulu kaZwelithini sithi yize izwe lakuleli libusa ngaphansi kwentando yeningi, kuyinto engephikiswa ukuthi zisekhona izinkinga njengoba kunabantu abakhungethwe ububha nendlala.

INdlulamithi isho kanje yethula inkulumo yayo lapho kuvulwe ngokusemthethweni iSishayamthetho saKwaZulu-Natal e Pietermaritzburg okokuqala ngaphansi kuka Hulumeni wobumbano iGNU.

Loluhlelo lokuqala ezweni lakuleli njengoba uhulumeni usubusa ngokubambisana kwamaqembu okuyi IFP, ANC, DA kanye neNFP.

ISilo sithi ngalezinguquko, kuqopheke umlando kanti siphinde sagxeka ukuxhaphaka kwezibhamu esifundazweni nesithi kudala ukubhebhetheka kobugebengu.

Indlulamithi iphinde yakhala ngesihlava sokubulawa kwezingane kanye nabantu besifazane.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background