Izangoma zezulu sezixwayise ngeqhwa elingase likhithike eKZN
Written by Brooklyn Masuku on 16 April, 2025
Umnyango wezokuthutha kulesifundazwe usuxwayise abashayeli kanye nabo bonke abantu abasebenzisa imigwaqo … ukuthi baqhaphele njengoba izimvula ezinamandla ziqhubeka ezingxenyeni eziningi ze KZN.
Umnyango uthi izangoma zezulu kwa South African Weather Service, seziwubikele nokuthi, umsinga obandayo uzoqhubeka nokungase kuholele ekutheni kube nokukhithika kweqhwa ezintabeni zoKhahlamba kanye nezinye izindawo ezimaphakathi nesifundazwe.
Uqhuba ngokuthi nakuba izangoma zezulu zingakuhlongozanga ukuthi isifundazwe saKwaZulu Natali singase simbozwe yiqhwa, kodwa kungakuhle umangase wonke umuntu ahlale eqaphile, kungabi khona othatha uhambo olungenasidingo, futhi uma kungenzeka izindlela kumele zihoxiswe.
UNdabezinhle Sibiya oyisikhulumi sikangqongqoshe walomnyango uSiboniso Duma uthi amaphoyisa omgwaqo nawo asenxuswe ukuthi asiqaphe ngeso elibanzi isimo.