Bright Ntuli
Izinhlangano zabahlali i-Forum for South Africa kanye ne Activists and Citizens Forum sezizwakalise ukukhathazeka mayelana namacala abhekene noSekela Khomishana wamaphoyisa kazwelonke (SAPS)osamisiwe UShadrack Sibiya.
USibiya oneminyaka engu 59 ubudala usolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka engu 18 kwelinye lamahotela eSandton eGoli ngo May kulonyaka.
Uphinde asolwe nangokukhulisa intombazane eneminyaka engu 16 ngezindlela zokuyilungiselela ucansi kusukela ngo July kuya ku August 2026.
Ongumholi we FORUM4SA leader Tebogo Mashilompane uthi akekho ongaphezu komthetho noma ngabe ukusiphi isikhundla.
“The allegations against a senior police official are deeply disturbing precisely because the police are expected to protect women, children and communities from violence, exploitation and abuse,” kusho u Mashilompane.
Uqhube wathi, “Forum for South Africa calls for accountability, justice and the protection of women and children.”
Lalela inkulumo ka Mashilompane ngezansi
Kanti owe Activists and Citizens Forum uDennis Bloom uthi umthetho kumele ungabi nazwelo ku Sibiya.
“This case of General Shadrack Sibiya is big blow against the fight against rape and gender based violence in general. We call upon the police investigating team to investigate this case properly and present a solid case before the court,” kusho uBloom
Lalela izindaba zeGagasi FM usilandele nasezinkundleni zokuxhumana ukulandela loludaba.



