Izoqina Imikhankaso Yokuqwashisa Ngobungozi Bokubhema Ugwayi

Written by on 13 May, 2024

By: Zilungile Mkhize

Isikhungo esicwaninga siphinde sibhekelele imigomo elawula imboni kagwayi, i-Africa Centre For Tobacco Industry Monitoring And Policy sithi sizosebenzisa inyanga yentsha uJune, ukuqinisa imikhankaso yayo ngobungozi bokubhema ugwayi.

Lesikhungo sithi njengoba emhlabeni jikelele kunetsha elinganiselwa ku-37-million esebenzisa ugwayi, kubalulekile ukuthi ziqine nezindlela zokuyisiza ibone ubungozi kuwo.

Usolwazi walesiskhungo, uLekan Ayo-Yusuf, uthi enye into esiphenduke inkinga, empilweni yabantu kulelizwe ikakhulu intsha, ukusetshenziswa kwama hubbly-bubbly, ngisho nasezikoleni imbala.

U-Ayo Yusuf usenxuse uhulumeni ukuthi asayinde njengomthetho, umthetho sivivinyo ozoqinisekisa ukuthi ama hubbly-bubbly awasetshenziswa ezindaweni zomphakathi, nathi kuzosiza intsha ingagcini isihlezi ilangazelele ugwayi.

 

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background