Kudla Lubi Ukudunwa Kwezimoto

Written by on 16 August, 2023

By: Xolani Khumalo

Umbiko wocwaningo olwenziwe abakwa-Tracker seluveze ukuthi sikhuphuke ngo-12% ngonyaka owedlule isibalo sokuntshontshwa kwezimoto uma kuqhathaniswa no-2021.

Oyisikhulu sakwa-Tracker uDuma Ngcobo uthi izigelekeqe manje sezisebenzisa ubucwepheshwe obusezingeni elicokeme ukuntshontsha izimoto ngisho nalezo zohlobo lwesimanje ezidunyiswa ngaphandle kukakhiye.

Ngokubika kwabaka Hippo.co.za zingaphezulu kuka 23 000 izimoto ezebiwe ekupheleni konyaka owedlule, nokulingwaniswa ngokuthi kusho ukuthi kuntshontshwa izimoto ezingu-63 ngosuku.

Izifundazwe ezihambe phambili ngalobugebengu kubalwa iGauteng, kulandele iKwaZulu-Natal bese kuba iEastern Cape.

Kanti uDuma uthi iya ngokwanda imibiko yokuntshontshwa kwaloluhlobo lwezimoto ezizivulekelayo  uma usondela kuzo ngaphandle kokuciphaza isikhiye.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background