Skip to main content

By: Buhle Mbhele

Icala likaThabo Bester nesinqandamathe sakhe uNandipha Magudumana selihlehliselwe umhlaka 31 kuyona lenyanga.

Ijaji uMusi uCagney Musi, lithi lokhu kuzolekelela abasolwa, owesithathu nowesi 6 ukuthi bakwazi ukuthola abammeli.

U Bester, uMagudumana nabanye abawu 7 bavele kafushane namuhla enkantolo ephakeme eBloemfontein, lapho bekulindeleke khona ukuthi kuqhubeke ukuqulwa kwalelicala.

uBester ubhekene necala lokweqa ejele laseMangaung eminyakeni emibili edlule, kanti laba abawu 7 kanye noMagudumana basolwa ngokubandakanyeka ekuputshiseni uBester.

Ummeli wakhe uLerato Moela usecele inkantolo ukuthi ilungise inkinga yokuvinjwa ukuthi abone ikhasimende lakhe ngendlela efanele, njengokuthi bathole igumbi elihlelekile lokuxoxela uma eyombona eKgosi Mampuru Prison.