kulindeleke lukhulu emhlanganweni ka-DUMA ne-SANTACO ngemva kwesiteleka samatekisi e Portshepstone,.

Written by on 30 July, 2024

By: Xolani Khumalo

U Ngqongqoshe wezokuthutha eKZN, uSiboniso Duma uzobamba umhlangano ophuthumayo nenhlangano eyangamele imboni yamatekisi kuleli i-SANTACO.

Lomhlangano uzobe uthanyelwe ubuholi be GU Taxi Association kanti uza emva kokuthi kube khona ukuphazamiseka kozekuthutha Ogwini oluseNingizimu nesifundazwe.

Abashayeli bamatekisi ePortshepstone izolo nanamuhlanje bazwakalise ukungenami kwabo ngokuthi bapake amatekisi bangasebenzi njengoba bekhala ngokuthi umnyango wezokuthutha ubasebenzisa kabuhlungu.

Loku kuholele ekutheni izinkumbi zabagibeli zisale dengwane ngenxa yokungahambi kwamatekisi.

Phakathi kokunye abangakhala ngakho ngama-permits okusebenza, nabathi lomnyango ushaya ngonyawo lonwabu ukuwakhipha.

Okhulumela uDuma, uNdabezinhle Sibiya uthi sekube nemihlangano esibanjiwe eyandulela lolusuku nebiyingxenye yemizamo yokuqhamuka nesisombululo ezinkingeni ezikhona.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background