Kusenzima Mayelana Nesicelo Sika-Eskom Sokubolekwa Imali

Written by on 7 December, 2023

By: Buhle Mbhele

Kuhlukene imibono ephalamende mayelana nomthetho ohlongozwayo wokutakula inkampani kagesi owaziwa nge-Eskom Debt Relief Act, 2023.

U-Eskom ufuna ukuphinda utakulwe uhulumeni ngemali ebolekisayo.

Lokhu kwenzeka nje uMgcinimafa kazwelonke usanda kunika u-Eskom imali engu R254 billion ukuze ulungise izinkinga obhekene nazo kanjalo nengqalasizinda.

Amalungu ePhalamende athi umlando wamabhuku ezimali kwa-Eskom awumuhle neze, ngakho kuyobe kufana nje nokuthi uhulumeni uyayitakula futhi lenkampani, uma engayiboleka imali.

I-Democratic Alliance (DA), Economic Ffreedom Fighters (EFF), Inkatha Freedom Party (IFP) , FF-Plus kanye ne-ACDP, bakuchithile lokhu, bekhala ngokuthi imali ayisona isixazululo kwa Eskom kodwa kumele kubhekwe ubuholi kukhucululwe inkohlakalo nokugxambukela koNgqongqoshe nosoPolitiki.

Kodwa ke i-GOOD Party, iNFP kanye ne-ANC bayakweseka ukutakulwa kwa-Eskom.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background