kusuke udweshu ebulala ingane kubangwa uR150.

Written by on 11 July, 2024

By: Nompendulo Ngubane

Kuphele ubungani kubulawa umfanyana oneminyaka eyisikhombisa ubudala uLinathi Mkhize, wasendaweni yase Zinketheni ePietermaritzburg maphakathi nesifundazwe.

uLanithi kusolwa ukuthi ubulawe ngobengumngani kayise aphinde abe ngumakhelwane wakubo.
Imibiko ithi umfanyana lo, wayeduke ngoLwesine oledlule, kanti umphakathi waphuma inqina umthungatha waze wamuthola emkhukhwini womngani kayise, ebulewe enamanxeba okugwazwa nokuklinywa.

Ngokuchaza kuka baba ka Linathi, uWilliam Ruthambo, uthi indodana yakhe ibulawe umngani wakhe emva kwengxabano kubangwa imali engango R150 abeyikweleta umsolwa.

Umsolwa uSfiso Mbhele, kubikwa ukuthi emva kokutholakala kwesidumbu salomfanyana endlini yakhe wabaleka waya endaweni yase Swapo, okuyilapho umphakathi owamthungatha wamuthola khona wamubulala.
Ekhuluma nezindaba zeGagasi FM ubaba ka Linathi usho kanje.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background