Kuyobe Kuyiphutha Elikhulu ukubuyiselwa kukaZuma Ejele

Written by on 7 August, 2023

By: Xolani Khumalo

Umhlaziyi wezepoliitiki, uJackie Shandu, uthi uma kungase kuthathwe isinqumo sokuthi loyo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma abuyele ejele ngabe inhlangano ebusayo yenze obukhulu ubudedengu.

Kuzokhumbuleka ukuthi inkantolo yomthethosisekelo yanquma ukuthi ukudedelwa kwa-Zuma kwakungekho emthethweni, yase iyalela ukuba abuyiselwe emuva.

Kanti ngoLwesine lwaleliviki kulindeleke ukuthi umyango wezokuhlunyeleliswa kwezimilo ukhiphe isinqumo sokuthi ngabe uZuma kusamele yini abuyele ejele.

UShandu uthi isinqumo ngodaba lokuthi uZuma kumele abuyele ejele kudlalwa ngalo ipolitiki nje kwazise sekubhekwe okhethweni lwangonyaka ozayo.

Uthi angeke kube nomthethelela omuhle enhlanganweni ebusayo ukubushwa kukaZuma.

UShandu uyachaza.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background