Skip to main content

By: Pamella Majola

U Somlomo wephalamende uThoko Didiza uthi bazokwenza isiqiniseko sokuthi wonke amalungu ephalamende ayakwazi ukukhuluma ngolwimi lwalo lwebele, uma ethula izimvo zawo ePhalamende.

U Didiza usho kanje njengoba kwasuka esinamathambo ephalamende ngeviki eledlule, kubangwa ukuthi kungani amalungu avunyelwe ukukhuluma ulwimi lwawo yize amanye engaluzwa.

Ngalolusuku kwakunenkinga yokungasebenzi komshini wokutolika izilimi ephalamende, kwase kuthi usekela somlomo uAnnelie Lotriet wawadedela amalungu ayekhuluma isibhunu, kwathi sekukhuluma awesiNguni wawanqabela ngoba ethi akawezwa okwagcina sekususa umsindo.

U Didiza ekhuluma ephalamende uthi bazokwenza imizamo yokuqinisekisa ukuthi amalungu ayakwazi ukukhuluma ngamona yiluphi ulwimi olusemthethweni ngesikhathi kunezinkulumo mpikiswano.