Skip to main content

By: Sthulile Mdletshe

Lihlehliselwe inyanga ezayo icala lephoyisa lophiko lwe K9 Unit eThekwini, elisolwa ngokungokuzama ukubulla usomabhizinisi wendawo uThabiso Ngcobo.

U Pedro Rodriguez udelelwe nge bail ka-R5,000 emva kokuthi evele kafushane enkantolo kaMatshi ePinetown ngaphandle kweTheku.

Usolwa nozakwabo abangu 9 ngokuzama ukusoconga uNgcobo ngenyanga ka-May emgwaqeni onguthelawayeka uM13.

U Rodriguez ophume nge bail ka-R5,000 uvele kafushane enkantolo kaMantshi ePinetown ngaphandle kwe Theku.

Ngokusho kwalosamabhizinisi u-Rodriguez nozakwabo, nabo abangaphandle nge bheyili ya-R5,000 umuntu ngamunye bazama ukumkhipha ngendluzula emgwaqeni base bededela ngenhlamvu badubula iwindi lemoto yakhe ngesikhathi enqaba ukulivula

Kwenzekalokhu  nje ukhomishana wamaphoyisa u-Nhlanhla Mkwanazi uke wazwakalisa ukhathazeka ngamaphoyisa abandakanyeka kwizenzo zobugebengu.