Lihlehlile Icala lephoyisa Elisolwa Ngokubulala Obekhulelwe
Written by Mfundo on 21 August, 2023
By: Nompendulo Ngubane
Iphoyisa eliwusayitsheni elisolwa ngokubulala umama wezingane zalo obekhulelwe livele kafushane enkantolo kaMantshi iXopo eNingizimu nesifundazwe.
UMbuyiseni Gema oneminyaka engu-46 uboshwe uphiko lwamaphoyisa i-IPID ngolweSihlanu ngoba kusolwa ukuthi wabulala uMathembi Ngubo oneminyaka engu-35 obekhulelwe izingane zakhe ezintathu zabafana.
Umbuso usukuvezile ukuthi uzosinqaba isicelo sebheyili okulindeleke ukuthi asifake.
Okubuye kwavele enkantolo ukuthi yena uGema usazofaka isicelo sommeli kahulumeni.
Umndeni, umphakathi nobuholi bendawo nabo basho ngazwi linye ukuthi uGema akayifanele ibheyili.
UNgqongqoshe WokuThuthukiswa KoMphakathi esifundazweni uNonhlanhla Khoza naye ohambele leli cala uthi uGema kumele angayitholi ibheyili.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.