Skip to main content

Noluthando Mchunu

Umholi we-Laco UMlungisi Manciza uthi basamile ekutheni abantu bokufika abakuleli ngokungemthetho kumele babuyele emazweni abo.

UManciza ubekhuluma ngenkathi kuqhubeka iRally yeMK Party Kwa-Mashu enyakatho yeTheku.

Inkulumo kaManciza ibonakala ishayisana nekaMengameli waleliqembu uJacob Zuma nothe abantu bokufika ngeke baxoshwe ngoba abanye babo sebehlale kuleli iminyaka.

uZuma uphinde wagxeka nesinqumo sobuholi beMarch and March sokuthi buhlangane nenhlangano yomphakathi iAfri-Forum ukuzodingida ngodaba lwabantu bokufika abakuleli ngokungemthetho.

UManciza uthi bona bazoqhubeka nokufaka incindezi yokuthi umuntu ongenayo imvume yokuba kuleli ahambe.

“Sisasho njalo sithi bonke omeya abazothatha omasipala beMK Party, into esizobathuma yona eyokuthi ama illegal foreigners awahambe.”

“Sizosho ukuthi ama illegal foreigners azothatha imsebenzi yethu, ayibuye. Ayiphasiswe lento kuma bylaws ukuthi ezitolo zabantu abadayisayo emadolobheni, akunikwe ama permit abantu baseNingizimu Afrika,” kusho uManciza

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaManciza…