Nompendulo Ngubane
UMnyango wezemisebenzi yomphakathi kanye nezingqalasizinda eKZN uthi uvule izandla ukusebenzisana nanoma ngubani ozimisele ngokulekelela ekuthuthukiseni isifundazwe, ikakhulukazi umnotho waso.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe walo mnyango uMartin Meyer ekhuluma nosomabhizinisi base eMargate, ogwini oluseningizimu yeKZN.
Leminyango yomibili, owesifundazwe kanye nowezwelonke, ngenyanga eyedlule iphoqeleke ukuthi ihlehlise umcimbi wokunikezela ngokusemthethweni ngezivumelwano zokuqashisa izakhiwo ezingu 6 ezisogwini kosomabhizinisi.
Lokhu kulandela ukuthi uMasipala waseRay Nkonyeni ufake isicelo enkantolo ukuvimba lo mcimbi.
Nokho, emuva kokuphikisa lesi sinqumo enkantolo, osomabhizinisi bagcine benikezwe izivumelwano zabo zokuqashisa.
UMeyer uchaze wathi,”I want to thank organisations like FEDHASA that say we are not going to sit quietly and say there is nothing we can do but fight for their members. I want to thank minister Macphersen and his department.”
UMeyer uqinisekise nokuthi umnyango wakho uvulelekile ukusebenzisana nanoma ubani, onenhloso yokuthuthukisa isifundazwe.
“I have always made it clear that I am always happy to work with anyone if we work towards the same goal and that goal is economic growth and a better KZN for all,” kusho uMeyer.




