Skip to main content

By Samkelo Biyela

-ActionSA isimemezele ama candidates amathathu agaqele esobuMeya komaspala abathathu esifundazweni iKwaZulu Natal. Lesimemezelo senziwe umongameli weqembu, uHerman Mashaba kulempelasonto lapho iqembu belibambe isithangami kwaMashu, enyakatho neTheku.

Kulesithangami, iActionSA imemezele abagaqele ukuhola uMaspala weTheku, iKwaDukuza, kanye noMaspala waseNewcastle.

Ekhuluma nabezindaba ngaphambi kokuthi enze lesimemezelo, uMashaba ukubeke kwacaca ukuthi iActionSA ayinazo izinhlelo zokungenela lolukhetho komaspala abaningi.

UMashaba uthe isizathu salokhu ukuthi abafuni ukungenela ukhetho la bezogcina khona bengelinye lamaqembu aphikisayo, kodwa bafuna ukuhola.

Uchaze wathi,”We have taken a strategic decision not to contest all municipalities. We want to ensure that we contest in municipalities where we can insure that no one can govern without ActionSA.”

Naba abagaqele esikaMeya

uZwakele Mncwango uyi candidate yeqembu egaqele esikaMeya kaMaspala weTheku. UMncwango, ongumholi weActionSA esifundazweni iKZN, sekungokwesilbili engenela esobuMeya kulomaspala njengoba ngo 2016 akhala ngaphansi kuZandile Gumede we African National Congress (ANC). Ngalesikhathi uMncwango wayesayilungu le Democratic Alliance (DA).

KuMaspala wakwaDukuza, iActionSA imemezele ukuthi izobe imelwe uCllr uHalalisani Ndlovu. Yize UNdlovu engenela lolukhetho okokuqala, akasona isifiki kuMaspala waKwaDukuza njengoba engelinye lamakhansela akuloMaspala.

Okokugcina, iqembu limemezele uCllr Zwe Nxumalo njenge candidate yalo kuMaspala waseNewcactle. UNxumalo ungenela lolukhetho nje, usezoqeda unyaka wesibili njengo Chief Whip womkhandlu walomaspala.

Womathathu lama candidates amukele ukuqokwa kwawo eqenjini ngenjabulo aphinde athembisa nokuhola ngokuzimisela uma enqoba lolukhetho.

UKhomishana Eyengamele Ezokhetho imemezele ukuthi isiqalile ukulungiselela ukhetho loMaspala Basekhaya oluzobanjwa ngomhlaka 4 November, 2026.