OThisa abangaqashiwe bakhala ngokushawa indiva kwezikhalo zabo.

Written by on 3 April, 2025

By: Nompendulo Ngubane 

Inhlangano engenzi nzuzo iNational Unstoppable Social Organisation ithi umnyango wezeMfundo eKZN kumele uqinisekise ukuthi inqwaba yothisha abangasebenzi iyaqashwa. 

Lenhlangano ihambisana nothisha abangasebenzi ibambe imashi eMaritzburg maphakathi nesifundazwe nalapho ihambisa uhla lwezikhalo emahhovisi omnyango wezeMfundo kulo leli dolobha. 

Ongisihlalo walenhlangano nophinda abe umgqugquzeli wemashi uQiniso Dlamini uthi ngale mashi bahlose ukuthi bathumele umyalezo wokuthi sekwanele ukushawa indiva kothisha abangaqashiwe kulesi sifundazwe. 

Lalela izindaba eziphelele:

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background