Skip to main content

Nompendulo Ngubane

Inqwaba yothisha abaqeqeshiwe kodwa abangasebenzi ibuthene ePietermaritzburg City Hall emhlanganweni ogxile emathubeni omsebenzi, ukuthuthukiswa kwamakhono, ukuqeqeshwa kanye namathuba osomabhizinisi.

Phambilini, labothisha abangasebenzi bake baba nemibhikisho ngaphandle koMnyango wezeMfundo ePietermaritzburg, bekhala ngokuntuleka kwemisebenzi.

Labothisha bathe sebefumana ithuba lokuzwakalisa izimfuno zabo bathi bafuna izimpendulo ngezinsolo ezisabalale ezinkundleni zokuxhumana zokudayiswa kwezikhala zothisha.

Lezinsolo zibhekiswa kokhulumela lo Mnyango, uMuzi Mahlambi.

Obekhulumela othisha, uSbonisile Khoza uphawule wathi,” Nokuthi sicela ukwazi ukuthi how far is the department of education ngale allegation ebekhona or i vedio eke yasabalala of selling ama post.”

“Ne video ebekhona ya Mr Mahlambi. How far is the investigation, sicela ukwazi lokho,” kubuza uKhoza.

Uth ethinta lelo phuzu wavunyelwa ngenhlokomo enkulu, abanye othisha bemshayela ihlombe bekhombisa ukukweseka iphuzu lakhe.

Othisha baphakamise leliphuzu ngaphambi kokusabalala kwe video ezinkundleni zokuxhumana lapho uMahlambi esolwa khona wumkakhe ngokudayisa izikhala zothisha.

Oyinhloko yo Mnyango wezeMfundo eKZN uNkosinathi Ngcobo uphendule wathi udaba lwezinsolo zokudayiswa kwezikhala zothisha eziqondene nokhulumela umnyango uMuzi Mahlambi ziphenywa yi Public Service Commission.

“That is why ii decided ukuthi I will appoint a credible body ukuthi ithathe loludaba iluphenye. That credible body which is doing the investigation is the public service commission,” kusho u Ngcobo.

Buka i video kaNgcobo ngezansi.

Lalela Izindaba zeGagasi FM emoyeni ukuzwa ngaloludaba nezinye izindaba ezisematheni