By Samkelo Biyela
Uhlelo lokubhalisela ukuvota okhethweni loHulumeni basekhaya oluzoba ngomhlaka 4 November luyagoqwa namhlanje phakathi kwamabili.
Isikhungo esibhekele ezokhetho i-IEC sithi abebengakabhalisi, nabebengakayiqinisekisi imininingwane yabo basenethuba lokubhalisa online noma ngo WhatsApp.
Ukuvalwa kwalelithuba, kuzobe kusho ukuvalwa kwebhuku eliwumqingo eliqukethe amagama nemininingwane yabo bonke abantu abazovota ngalolukhetho iVoters Roll.
Oyisikhulumi se IFP kuzwelonke uMkhuleko Hlengwa usenxuse labo abangakabhalisi ukuthi basukumele phezulu babhalise online ukuze bangaphuthwa yilungelo labo lokuba nezwi ekubusweni komaspala abahlala kubo.
“Every voter has the power to shape the future of their municipality and determine the quality of local governance and influence decisions that directly affect the community,” kasho uHlengwa enxusa abangakabhalisi.
UHlengwa uphethe ngokuthi labo abazokweqiwa ithuba lokubhalisela ukuvota, kuyofana nokuthi badlale ngelungelo labo eliqukethwe kumthetho sisekelo lokukhetha abaholi abazobamela emphathathini yabo.
Inkulumo ka Hlengwa uyatholakala ezansi kombhalo.



