By: Xolani Khumalo
Sezikhalelwe amasongo kaSigonyela izinkabi ezintathu esezibekwe amacala okuthumba, elokubulala, ukuzama ukubulala, kanye nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.
Ngempela sonto endaweni yakwaMbonambi esigodini sakwa-Cinci abasolwa abazenza amaphoyisa bagasele emzini wabashadikazi bafike bafuna ngodli isibhamu sikaBaba wekhaya kanye nemali basebemphoqa ukuthi ahambe nabo.
Abasolwa kuthe sebemthathile ubaba wekhaya bahamba naye baphinde babuyela futhi kulomuzi sebeyothatha-ke manje umama weKhaya.
Umama wekhaya utholakale esetshingwe kwenye indawo edutshulwe ebusweni wabe esephuthunyiswa esibhedlela kanti ubaba wekhaya yena utholakale edutshulwe wabulawa waphonswa emahlathini.
Okhulumela amaphoyisa asKZN uRobert Netshiunda.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&ampweb_url=https://echocast.fabrik.fm/2LvPRmV8BWnLDy&amppodcast_id=5a7eebe3-4cbb-477d-8983-e23c23ed47cf” width=”100%” height=”200″]