By: Dawud Phungula.
Omunye wabadayisi basemgaqweni kuVictoria, enkabeni yedolobha iTheku useshonile kulandela ukudubulana phakathi kwezigebengu ebezizama ukuduna imoto yemali kanye namaphoyisa.
Abadayisi bakulendawo bathi basashaqekile namanje ngemuva kwesigameko esenzeke khona ekuseni nje.
Kanti bangu-9 abantu osekubikwe ukuthi balimele nokubalwa kubo nabebezihambela kulomgwaqo.
Abazibonele lesi sigameko senzeka sebetshele izindaba zeGagasi FM ukuthi izigebengu ebezihamba ngetekisi zithe uma zibona isimo siba nzima zabaleka zangena kwenye itekisi.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/m2092Y2K7K2Krn&podcast_id=a8ec0ee4-5164-444d-9e13-9c03b3210c7a” width=”100%” height=”200″]