By: Buhle Mbhele
Icala lokubulawa kwaloyo owayengunozinti weOrlando Pirates uSenzo Meyiwa seliphinde lahlehliswa futhi eNkantolo eNkulu yasePitoli.
Lelicala selihlehliselwe uLwesibili lwangesonto elizayo.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi u-Advocate Charles Mnisi omele ummangalelwa wokuqala uMuzi Sibiya, eveze ukuthi namanje akakakulungeli ukuqhubeka nalolu daba.
UMnisi uthathe izintambo zokumela uSibiya kulandela ukudlula emhlabeni kuka-Advocate Thulani Mngomezulu ngoDecember wangonyaka odlule.
Wacela izinyanga ezimbili nje kuphela ukuze azilungiselele lelicala.
Namhlanje bekulindeleke ukuthi liqhubeke kodwa selihlehlile futhi, kanti uMnisi utshele iJaji u-Ratha Mokgoathleng ukuthi kusanezinye izinto ekumele azilungiselele kuzo ngaphambi kokuba eze enkantolo.





