By: Nompendulo Ngubane
Amaphoyisa athi seluqalile uphenyo kulandela ukutholokala kwesidumbu somuntu esesonakele endaweni yase Swapo ePietermaritzburg.
Athi okwamanje awakazi ukuthi lesidumbu ngesikabani, nokuthi wayebulawelwe kuphi futhi kanjani.
Lesidumbu sitholwe amalungu omphakathi endaweni lapho abantu bevamise khona ukuvele bagxumeke khona imijondolo ngaphandle kwemvume.
Phambilini lesenzo saphoqa ukuthi amaphoyisa kamasipala abasuse ngendluzula esebenzisa izinhlamvu zenjoloba, ngo November nyakenye.