Skip to main content

By: Nompendulo Ngubane

Amaphoyisa asephinde abopha omunye wabasolwa abangu-10, ecaleni lokudlwengula kuphindelelwa owesifazane wase Copesville eMaritzburg maphakathi nesifundazwe oneminyaka engu 33 ubudala okumanje uphila nesigubhu sokuzikhulula ngaphakathi esiswini emva kokulimala kanzima ngesikhathi edlwengulwa.

Lomlisa zimkhalele izolo ebusuku ngoLwesithathu endaweni yakwa Swayimane ngaphandle kwase Maritzburg, kanti uzovela enkantolo ngoLwesihlanu.

Lowesifazane oyisisulu wadlwengulwa yiqulu labalisa abangu-10 ngo October 2024 eCopesville eSwapo kanti kusolwa nokuthi baze bamfaka ngisho namabhodlela esithweni sakhe sangasese nokwaholela ekutheni agcine esekhubazekile.

Kuzokhumbuleka ukuthi omunye wabasolwa uNkululeko Sibiya oneminyaka engu-29 ubudala, usevele kabili enkantolo ka Mantshi ePietermaritzburg mayelana naleli cala kanti kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo okwesithathu lapho ezoma khona ebhokisini ethule ubufakazi kanye nomphenyi wecala.

Lolu udaba oluqhubekayo.