Sibucayi Isimo Sempilo kuNdunakulu wakwaZulu Umntwana uButhelezi
Written by Mfundo on 2 August, 2023
By: Sthabile Majola
Umndeni kaNdunankulu wesizwe samazulu uMangosuthu Buthelezi usuqinisekisile ukuthi uButhelezi usagcinwe esibhedlela ngenxa yokugula.
Lokhu kulandela umbiko wokungena kwakhe esibhedlela, emva kokuxinwa izinhlungu.
UButhelezi ubeke wangena esibhedlela emasontweni ambalwa adlule wakhishwa, njengoba esebuye wabuyela khona futhi
Umndeni kaButhelezi esitatmendeni usudalule ukuthi usephinde waxinwa ukugula nosekudale ukuthi agcinwe esbhedlela.
UButhelezi ubeke wangena esibhedlela kulandela ubuhlungu abebuzwa emhlane, kuthe emuva kokuxilongwa ngoDokotela kwacaca ukuthi akalulami futhi usasezinhlungwini.
Umndeni uphinde wathi akakalulami kahle, kanti ukuphuma kwakhe esibhedlela kuzoya ngokuthi ululama ngokushesha kangakanani.
Khona manjalo neqembu le-Afrcan National Congress (ANC) selikhiphe isitatimende simufisela ukululama ngokushesha uButhelezi.