U-De Lille uthi uzowuguqula owezokuvakasha.

Written by on 4 July, 2024

By: Zilungile Mkhize

Ungqongqoshe wezokuvakasha uPatricia de Lille kanye nesekela lakhe uMaggie Sotyu, sebekuqinisekisile ukuthi bazibophezele ekuholeni lomnyango ngendlela eqotho kanye nokuzimisela.

Labaholi bathi bazosebenzisana nabo bonke abasebenzi balomnyango kanye nalabo ababambisene nabo emkhakheni wezokuvakasha. Lokhu bathi bazokwenza ngenhloso yokuthuthukisa ukukhula kwalomkhakha kulelizwe kanye nasemazweni aphesheya.

Isikhulumi salomnyango uZara Nicholson sithi uDe Lille usekuqinisekisile ukuthi buzothuthuka kunakaqala ubudlelwano Phakathi kukahulumeni nezinkampani ezizimele.

Enaba, uNicholson, uthi umkhakha wezokuvakasha uyandlondlobala njengoba kubonaka ukuthi inani lezivakashi liyanyuka uma liqhathaniswa nanyakenye.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background