By: Xolani Khumalo
Ungqongqoshe wezokuhlaliswa kwabantu eKZN uSiboniso Duma uthi sebetholile ngodaba lwabantu abakhe emathuneni ase-Sea View ku Ward 64 ngaphandle nje kancane kwedolobha iTheku.
UDuma uthi usejube inhloko yomnyango wakhe ukuthi iyosebenzisana nomaspala weTheku ukuhlonza imindeni eyakhe kulendawo.
Babalelwa ngaphezulu kuka-400 abantu okubikwa ukuthi bakhe imijondolo kulamathuna.
Okhulumela somnyango uNdabezinhle Sibiya uthi ungqongqoshe uDuma uthi kuyadabukisa ukuthi kunemindeni ebuyele kuleyandawo, kwase kuba khona eminye emisha esihlala khona kulendawo esamathuneni.
Uqhuba ngokuthi uDuma useveze nokuthi umnyango uyakuqonda ukuthi kunabantu abasuka ezindaweni ezahlukahlukene ezikude kakhulu, abeza eThekwini ngezizathu zokuzofuna amathuba emisebenzi, yize kunjalo usegcizelele ukubaluleka kokuthi kuhlonishwe amathuna nalabo abangasekho ukuze baphumule ngokuthula.




