U-Mashatile walile ukuphumela obala ngokuthi kungani kuhoxiswe amasosha e-DRC.
Written by Phakeme Mnguni on 28 March, 2025
By: Sthulile Mdletshde
IPhini lika Mengameli uPaul Mashatile uthi isinqumo se-Southern African Development Community (SADC) sokuhoxisa amasosha eDemocratic Republic of Congo akumele sithathwe njengokuvuma ukunqotshwa.
I-SADC isihoxise ukutshalwa kwalamasosha nokusolakala ukuthi isinqumo esithathwe emva kokufa kwamasosha angu-14 aseNingizimu Afrika ashonela khona le empini e-DRC ngasekuqaleni kwalonyaka ngesikhathi etholana phezulu namaphekula e-M23.
Lamasosha akuleli ebethunyelwe kuleliya zwe ukuyolekelela uhulumeni wakhona ukudala ukuthula nozinzo.
Ukutshwalwa kwabo kususe omkhulu umsindo ephalamende amaqembu aphikisayo esola uMenngameli uCyril Ramaphosa kanye nabaholi base Afrika ngokusebenzisa umbutho wamasosha ukuvikela amabhizinisi abo ngaphandle
Ephawula ngalokhu uMashatile uthi bathathe isinqumo sokuthi uKgalema Motlanthe abe yngxenye yethimba elizohola izingxoxo sezivumelwano soxolo nokuthula phakathi kwamaqembu alwayo e-DRC.
Lalela izindaba eziphelele ngezansni:
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.