Skip to main content

By: Sthulile Mdletshde  

IPhini lika Mengameli uPaul Mashatile uthi  isinqumo se-Southern African Development Community (SADC) sokuhoxisa amasosha eDemocratic Republic of Congo akumele sithathwe njengokuvuma ukunqotshwa. 

I-SADC isihoxise  ukutshalwa kwalamasosha nokusolakala ukuthi isinqumo esithathwe emva kokufa kwamasosha angu-14 aseNingizimu Afrika ashonela khona le empini e-DRC ngasekuqaleni kwalonyaka ngesikhathi etholana phezulu namaphekula e-M23.  

Lamasosha  akuleli ebethunyelwe kuleliya zwe ukuyolekelela uhulumeni wakhona ukudala ukuthula nozinzo. 

Ukutshwalwa kwabo kususe omkhulu umsindo ephalamende amaqembu aphikisayo esola uMenngameli uCyril Ramaphosa  kanye nabaholi base Afrika ngokusebenzisa umbutho wamasosha ukuvikela amabhizinisi abo ngaphandle 

Ephawula ngalokhu uMashatile uthi bathathe isinqumo sokuthi uKgalema Motlanthe abe yngxenye yethimba elizohola izingxoxo sezivumelwano soxolo nokuthula phakathi kwamaqembu alwayo e-DRC. 

Lalela izindaba eziphelele ngezansni:

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/p30696rrLMMY58qQ&podcast_id=c302746a-0fa9-422a-908e-159427b71b82″ width=”100%” height=”200″]