Skip to main content

By: Buhle Mbhele

Owayengungqongqoshe wezokuvikela uThandi Modise usenxuse abesifazane ukuthi bazibandakanye ezinhlelweni zokungenelela emazweni abhekene nezimpi, ukuletha ukuthula.

Uthi umangase okungenani owesifazane oyedwa kwabathathu azibandakanye lokhu kungalekelela ekutheni kube nozinzo ebuholini bezinhlangano kanye neminyango yoHulumeni bamazwe abhekene nezinto ezithinta izimpi.

Ukuphawula kukaModise kuza ngemuva kokubulawa kukasopolitiki oqavile waseHamas uIsmail Haniyeh nosekudale udweshu kwelaseMiddle East.

Uqhuba ngokuthi esikhathini esiningi, abantu besifazane bayebakwazi ukuxazulula izinkinga ezifana nezinxushunxushu.

U Modise usebeke kanje:

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/zqQYzrwVNmBwVM&podcast_id=d1a78593-6e63-4faf-8f8f-3cd065ffb793″ width=”100%” height=”200″]