Skip to main content

Owayengunqongqoshe wezokuxhumana namazwe angaphandle u-Naledi Pandor usezwakalise ukukhathazeka ngenyuvesi  ezimele eyakhiwa ePitoli njengoba lenyuvesi izofundisa ngesibhunu kuphela.

Lenyuvesi yakhiwa ngokubambisana phakathi kwezinhlangano i-Solidarity kanye ne Kanton, kanti kubhekwe ukuthi idle imali elinganiselwa ku 3 billion wamarandi. 

Kulindeleke ukuthi ibe nabafundi abangu 5 thousand, abafundela iziqu zabo zokuqala ngokugcwele, bese iba nabangu 1500 asebenza iziqu ze post graduate.

Ekhuluma  kwi Podcast ye African Renaissance uPandor uthi ukusungulwa kwalenyuvesi ezofundisa nge Afrikaans kuphela kungenye yezinselele ezinkulu ezibhekene nalelizwe.

“We too complaisant with our freedom becasue what we are battling is centuries of colonialism and racism,” echaza uPandor.

Inkulumo yakhe iyatholakala ngezansi kombhalo…