Zilungile Mkhize
USekela Ngqongqoshe wezehwebo nezimboni uJohn Steenhuisen uthi ukuba khona kuka-hulumeni wobumbano iGNU kulethe izinguquko eziningi ikakhulukazi ngendlela okuhanjiswa ngayo izidingo emphakathini.
USteenhuisen usho kanje ekhuluma ePietermarzburg maphakathi ne-KZN, lapho kwethulwe khona ngokusemthethweni I-Public Works Property Finder Portal.
Inhloso yaloluhlelo ukuthi kuvuleleke yonke imininingwane mayelana nezakhiwo kanye nomhlaba ongaphansi kukahulumeni.
USteenhuisen uthi lokhu kuzonikeza abatshali zimali ithuba lokuthi bakwazi ukuzisebenzisa lezindawo.
“For some people that may not see this as important but for planning and for future planning this is an absolutely essential tool to be able to determine where land is, what it can and what it should be used for going forward.”
Uqhube wathi,”What this is going to do is also bring a very high level of transparency.”
Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo ka Steenhuisen…




