By: Bright Ntuli
UMengameli waseMelika uDonald Trump uthi iNingizimu Africa kumele ingaphinde ibe yingxenye yeqoqo lwamazwe angu-20 aneminotho eyizikhondlakhondla.
U-Trump usephinde wagadla waphindelela kulelizwe njengoba elisola ngokuphuca amabhunu umhlaba, nokuwahlalisa bubhojozi nakubiza ngokubukela phansi amalungelo abantu.
Njengamanje i-South Africa imatasa ilungiselela umhlangano we G20 Leaders’ Summit ozobanjelwa eGoli ekupheleni kwalenyanga, nokulindeleke ukuthi oyisekela likaTrump, uJD Vance abe yingxenye yawo.
U-Trump usetshele i American Business Forum ukuthi kwenzeka izinto ezimbi kuleli lengabade.
“Uma ubuka izinto ezenzeka eSouth Africa kanye nase South America, kuzoba nomhlangano we G20 eSouth Africa- Kanti akumele engabe ibalwa emazweni anomnotho omkhulu, ngoba izinto ezenzeka khona ziyashaqisa. Angeke ngilubhade nakuloyomhlangano,” kubeka uTrump.



