By: Xolani Khumalo
Umndeni woMntwana waKwaPhindangangene iNkosi uMangosuthu Buthelezi usukuqinisekisile ukuthi umntwana uyalulama esibhedlela.
Uthi umbiko awunikwe yithimba lodokotela esibhedlela uveza ukuthi akasaxinekile njengoba bekubikiwe, kanti kulindeleke ukuthi aphume, ayolulamela ekhaya ngesonto elizayo.
Abomndeni bathi mayelana nomgubho wosuku lokuzalwa kwakhe olungeSonto, angeke uzubekhona kodwa kuzohlelwa kahle uma esephumile esibhedlela bese kwaziswa umphakathi ngezinhlelo zawo.
Ekhuluma nezindaba ze-Gagasi FM oyisikhulumi somndeni uMntwana uNgqengelele Buthelezi usedlulise okukhulu ukubonga kulabo abeseke umndeni.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/35VQxv5xK70xJL&podcast_id=593158f8-2c2e-44b7-a7ea-c34420ff3d79″ width=”100%” height=”200″]