UCele Uthi Amaphoyisa Anelungelo Lokuzivekela

Written by on 19 April, 2024

By: Zilungile Mkhize

UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uBheki Cele, uthi imizamo yokuthuthukisa kubuyiswe isasa lophiko lwezobunhloli emaphoyiseni, isiqalile ukuthela izithelo ezinhle.

Ukuphawula kuka-Cele kulandela umsebenzi wamaphoyisa wokubopha izigebengu eziyingozi nebezingamalungu amaqembu yemiguludu ebiphilisa kanzima imiphakathi ngeviki eledlule.

Uthi ukusebenzisana kwemiphakathi kanye namaphoyisa, kuyasiza kakhulu, ekutheni kuyiswe uzinzo ezindaweni esezithathwa njengezibusa yimigulukudu.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background