By: Bright Ntuli
Udokotela owaqaqa isidumbu sika-Senzo Meyiwa ukuthola imbangela yokushona kwakhe usetshele inkantolo yamajaji ePitoli ukuthi uMeyiwa owayengunozinti we-Bafana bafana waphila imizuzwana nje ngemva kokuthi edutshuliwe.
UJohannes Steenkamp usho kanje izolo ngenkathi ethula ubufakazi enkantolo lapho kuqulwa khona icala labalisa abangu-5 ababhekene nezinsolo zokubulala uMeyiwa.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekhaya lakubo kaloyo owayeyintombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus eGoli ngo-2014.
USteenekamp uthi uMeyiwa wadutshulwa umuntu owayeseduze isibhamu esibeke esifubeni wopha waze washona.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/0NyVJq1J1G6G3v&podcast_id=65fa62e7-ed7d-4d2c-953e-7e0cdc688fc7″ width=”100%” height=”200″]