UDube Ncube Usethulele Amaphoyisa Isigqoko Ngokuzidela

Written by on 20 October, 2023

By: Xolani Khumalo

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNomusa Dube-Ncube, usencome ukumbambisana okuhle okubonakalayo emaphoyiseni nathi asebenza ngokuzikhandla ukunqanda ubugebengu.

UDube Ncube uthi kubonakele ukuzidela kwamaphoyisa emsebenzini wawo ngezigameko zakamuva lapho enqande khona ububengu.

NgoLwesithathu amaphoyisa agasele ashaqa inqwaba yezidakamizwa zenani lika-R70 milllion kwenye yamafemu ase-Clairwood, eNingizimu yeTheku.

UNdunankulu uthi likhulu iqhaza elidlalwa amaphoyisa ekuqinisekiseni ukuthi lesisundazwe singesiphephile.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/xZv7ppwRwM8YZr&podcast_id=c3862b01-1e8a-4e8b-88b6-bcea85daab2d” width=”100%” height=”200″]

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background