Skip to main content

By: Nhlanhla Mbokazi

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu Natal, uSiboniso Duma, uthi ukubambisana komphakathi kanye namaphoyisa  kungayinqoba impi yokulwisana nobugebengu obukhinyabeza ukukhula komnotho.

UDuma usho kanje ngesikhathi ekhuluma enkonzweni yomngcwabo wekhansela uMabhungu Mkhize, eMbali Unit 14, eMaritzburg.

UMkhize, obeyikhansela ku-ward 41 ngaphansi kwaMasipala uMsunduzi, wadutshulwa wabulawa esemotweni yakhe.

UDuma uthi uMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi uphezu kwezinhlelo zokwakhiwa kwesiteshi samaphoyisa endaweni yasePlessislaer, nathi kuzolekelela kakhulu ekulweni nobugebengu.

 

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/K5R8G3pXKMnZP4&podcast_id=1e61cf56-8cff-48e6-9da8-91e2a790f680″ width=”100%” height=”200″]

 

Khona manjalo, uMeya kaMasipala uMsunduzi, uMzi Thebolla, uthi kubuhlungu ukuthi bebenezinhlelo zokuzama ukulwisana nobugebengu uMkhize engasekho.