Skip to main content

By: Nompendulo Ngubane

Umndeni wakwaNgubo eXopo esigodini saseHlanzeni maphakathi neKwaZulu-Natal uthi ugqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngokubulawa ngesihluku kwendodakazi yawo ebikhulelwe amawele.

UMathembi Ngubo obeneminyaka engu-35 ubudala kusolwa ukuthi ubulawe yisoka lakhe abekhulelwe izingane zalo neliyiphoyisa khona eXopo.

Kusolwa ukuthi limklinye waze wafa, maqede lalahla isidumbu sakhe bude buduze nasekhaya lakhe.

Isidumnbu sikaNgubo sibonwe ngumakhelwane obezidlulela wabe esetshela umndeni kanye nabanye omakhelwane.

UMamncane kaNgubo uMaMbhele Ngubo uthi ukubulawa ngesihluku kwengane yabo kubathusile njengoba ethi umndeni ubulindele ukuthi abelethe ngoMsombuluko lo abulawe ngawo.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/6PJ2xXKJ4Bx17K&podcast_id=d90a8b0d-52d3-4554-b777-30d9bf1e9207″ width=”100%” height=”200″]