Skip to main content

By: Sthulile Mdletshe

Umholi weqembu elisha i-African Congress of Transfomartion, u-Ace Magashule,  uthi isakhona ingcosana yabaholi abalungile kwiqembu le-African National Congress (ANC).

UMagashule wethule inhlangano yakhe entsha egoli ngemuva kokuhlubuka kwiqembu le-ANC.

Kuzokhumbuleka uthi uMagashule uxoshwe kwi-ANC emva kokuthi ikomiti eliqondisa izigwegwe kule nhlangano linqume ukuthi wephula imigomo yaleli qembu.

Ube esekhonjwa indlela ngemuva kokuthi ehlulekile ukuzehlisa nokuzovela ngaphambi kwekomiti eliqondisa izigwegwe.

Uthi yize ehlubuke kabubuhlungu kwi-ANC usakholelwa ukuthi basakhona abantu abalungile kuleli qembu.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/RPwxxWQ1D2xQmm&podcast_id=9e2fd024-cbb1-4e4b-8efd-7d48f3c5b87b” width=”100%” height=”200″]