UMasipala WeTheku Uthi Isiyalunga Inkinga Yamanzi

Written by on 15 February, 2024

By: Zilungile Mkhize

UMasipala weTheku uthi izinhlelo zawo zokulungisa inkinga yamanzi esikhahlameze imiphakathi eminingi ikakhulukazi enyakatho neTheku, ziyaqhubeka yize kube nezingqinamba eziholele ekutheni ungakwazi ukuhlangabezana nomnqamulajuqu wanamuhla wokubuyisa amanzi.

Lomkhandlu uthi amanzi azobe esephuma ngeviki elizayo kulezi zindawo angaphumi nhlobo kuzo.

ITheku lisho kanje , kulandela isethembiso sikaNgqongqoshe waManzi uSenzo Mchunu, sokuthi amanzi azobe esephuma ePhoenix namaphethelo namhlanje.

UMchunu wenza lesisethembiso emhlanganweni abanawo nemiphakathi yasePhoenix, eVerulum, OThongathi neminye kulamaviki edlule.

Umeneja eThekwini Municipality, uMusa Mbhele,usho kanje ekhuluma nabezindaba.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background