Skip to main content

By: Zilungile Mkhize

UMeya kaMasipala iGreater Kokstad eningizmu yeKwaZulu-Natal, uLwanda Madikizela, uthi akusilo iqiniso ukuthi izindawo zasemakhaya zishiywa ngaphandle ezinhlelweni zentuthuko kagesi ezisuke zikhona.

UMadikizela uthi njengomkhandlu benza konke okusemandleni, futhi ngendlela eyiyo ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu bayabhekelelwa ngezidingo.

Ekhuluma ohlelweni lweGagasiFM Indaba no Alex, uMadikizela uthiĀ  miningi imizi esihlinzekwe ngogesi, futhi lokhu kuwuhlelo oluqhubekayo.

Uthi zikhona nezinhlelo ezahlukene abanazo, zokuphuthumisa izidingo nqangi emphakathini waseKokstad namaphethelo.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/5BKvvJBVxW9v5x&podcast_id=6c788cb2-fdec-4ba5-ad94-c014aae4a8c5″ width=”100%” height=”200″]