By: Zilungile Mkhize
Ummeli kaBongani Ntanzi, ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, uSipho Ramasepele usamile ekutheni ucingo lwekhasimende lakhe lathathwa kuNtanzi ngesikhathi eboshwa.
Usho kanje njengoba ubufakazi obethulwe nguchwepheshe wemininningwane yezokuxhumana ngomakhalekhukhwini, uPinky Vythilingam, bukhomba ukuthi lolucingo lwalusebebenza ngesiokhathi eboshiwe.
U Ramasepele, uhlome u Vythilingam ngemibuzo eNkantolo enkulu ePitoli mayelana nokusebenza kwamaselula kanye nemibhoshongo yamaNetwork.
U Ntanzi waboshelwa esiteshini esisePitoli kanti amaphoyisa athi watholakala nomakhalekhukhwini esitokisini ayekuso.